Kuboshwe obeshayele ngesivinini eseqile
2012-08-13 10:04
Johannesburg - Umshayeli waseThekwini uboshelwe ukushayela ngesivinini sika-203?km/h emgwaqeni uN1, kusho amaphoyisa kaMasipala waseGoli ngeSonto.
Lo wesilisa oneminyaka engu-27 ubudala ubanjwe ehamba ngemoto engenayo i-number plate, kusho okhulumela amaphoyisa uChief Superintendent Wayne Minnaar.
Kulindeleke ukuba avele eNkantolo yaMantshi yaseRoodeport ngoMsombuluko.
Abanye abesilisa abangu-11 kanye nabesifazane ababili baboshwe ngoMgqibelo ebusuku kulandela ukubanjwa beshayela ngejubane eleqile kwelivumelekile.
UMinnaar uthe babanjwe behamba ngejubane elingaphezulu ngo-120 km/h kwelivumelekile.
Omunye wesifazane ubehamba ngo-185 km/h ngemoto iMini Cooper.
Kulindeleke ukuba nabo bavele enkantolo.
- “Like”
ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho
- Landela
IzindabaNews24 kuTwitter
- SAPA