Kuboshwe obeqashe ingane
2013-02-15 16:37
Johannesburg - Kugasele ezakadalawane kwaboshwa indoda yaseZastron, eFree State, esolwa ngokuqasha izingane, kusho uMnyango wezabaSebenzi.
Indoda lena iqashe ingane eneminyaka engu-14 ubudala, kusho okhulumela uMyango uWisane Mavasa, esitatimendeni.
Umsolwa uboshwe ngoLwesine, uMnyango umvulele icala ngemuva kokuthi umama womfana ebikele amaphoyisa.
Ingane ibisebenza kusukela ngoLwesihlanu, ingena ngo-09:00 iphume ngo-16:00, ntambama bese ihola u-R30 ngosuku.
Izikhulu zoMnyango zifice umfana enquma izihlahla, umfana lona ufunda u-Grade-6 kwesinye sezikole, endaweni.
Umsolwa uzovela ngaphambi kweNkantolo ngoMsombuluko.
"Ngaphansi komthetho iBasic Conditions of Employment Act, kuyicala ukuqasha ingane eneminyaka engaphansi kwengu-15 ubudala,” kusho uMavasa.
– "Like" ikhasi lethu
ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.
– Landela Izindaba News24 kuTwitter
(@IzindabaNews24).