Kuboshwe obegqekeza eMdantsane

2013-01-24 16:36

Johannesburg - Izolala ibaliwe indoda yaseMdantsane e-Eastern Cape, eboshwe ngoLwesine ekuseni kulandela izinsolo ezithi igqekeze umuzi.

Amadoda amathathu angene ngodli emzini womnikazi wendawo yokudlela, akhomba ngezibhamu abantu ebebephakathi, kusho okhulumela amaphoyisa uLieutenant Colonel Nkosikho Mzuku.

Owesifazane obekwelinye igumbi, ushayele amaphoyisa ucingo ebika isehlakalo, kusanjalo kungene omunye wamadoda wathi akaphinde ashayele futhi atshele amaphoyisa ukuthi ubedlala.

Amaphoysia atheleke khona kunjalo, afike abopha indoda eneminyaka engu-42 ubudala, abanye ababili sebebalekile.

"Umsolwa oboshiwe kulindeleke avele ngaphambi kweNkantolo yeMantshi yaseMdantsane ngoMsombuluko," kusho uMzuku.
 



 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela Izindaba News24 kuTwitter (@IzindabaNews24).


NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-20°C Sunny. Mild. Pta: 7-22°C Sunny. Mild.
Jhb: 6-17°C Sunny. Mild. Bloem: 0-21°C Sunny. Mild.
Dbn: 9-24°C Partly cloudy. Mild. PE: 14-18°C More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...