Kuboshwe obanjwe namalayisensi omkokotelo
2012-12-24 08:30
Johannesburg - Owesilisa oboshwe eBraamfontein ngemuva kokutholakala nomazisi kanye namalayisensi okushayela angumgunyathi uya enkantolo, kusho amaphoyisa kaMasipala waseGoli.
UChief Superintendent Wayne Minnar uthe le ndoda, 29, nengumnikazi wesikole esifundisa ukushayela, utholakale namalayisensi amathathu anezinombolo zomazisi abahlukene.
“Uphinde watholakala nenqwaba yezithombe zomazisi kanjalo nomasizi babantu abahlukene.
“Kusolakala ukuthi uyazenzela la malayisensi bese eyawadayisa."
Kulindeleke ukuba avele eNkantolo yeMantshi yaseGoli ngoMsombuluko.
- “Like”
ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho
- Landela
IzindabaNews24 kuTwitter
- SAPA