Kuboshwe izintatheli ze-etv eSwazini
2012-04-11 14:05
Johannesburg - Kuboshwe izintatheli ezimbili zesiteshi sikamabonakude esizimele i-etv eSwazini, kusho umhleli wezindaba zase-Afrika, uChris Maroleng ngoLwesithathu.
"Ngingaqinisekisa ukuthi izintatheli zethu ezimbili ziboshiwe ngesikhathi kunemvimbamgwaqo eMbabane ekuseni," esho.
Ama-passports ezintatheli, uTumaole Mohlaoli noMeshack Dube athathiwe.
"Batshelwe ukuthi ababoshiwe kepha bavalelwe okwesikhashana," kusho uMaroleng.
Uthi abazange banikezwe sizathu ngalokhu.
- “Like”
ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho
- Landela
IzindabaNews24 kuTwitter
- SAPA