Kuboshwe izingane ngelokubulala
2012-11-16 08:17
Polokwane - Kuboshwe izingane eziyisithupha eziphakathi kweminyaka engu-12 no-14 ubudala mayelana nesigameko esashaqa izwe sokubulawa kwezingane ezintathu eLimpopo ngo-Agasti.
“Zigcinwe endaweni yokuphepha njengoba kulindeleke ukuthi zivele ngaphambi kweNkantolo yeMantshi yaseMookgopong ngoLwesihlanu," kusho uBrigadier Hangwani Mulaudzi.
Lezi zingane zizobhekana necala lokubulala nokudlwengula.
Izelamani uBafana Kekana, 9, noHosea Richard
Kekana, 10, nomzala wabo uJohana Kekana, 12, batholakala beshonile eMookgopong ngo-Agasti 18.
Bakhandwa ngamatshe baze bashona kwathi izidumbu zabo zambozwa ngengubo yokulala.
UJohana wadlwengulwa ngaphambi kokuthi abulawe.
- “Like”
ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho
- Landela
IzindabaNews24 kuTwitter
- SAPA