Kuboshwe izimantshi ngelokuphanga

2012-04-05 12:04

Johannesburg - Izimantshi ezimbili ezingamabamba ziboshiwe kulandela izinsolo zokubandakanyeka esigamekweni sokuphanga kuhlonyiwe, kusho amaphoyisa ngoLwesine.

Laba bobabili basolwa ngokugebenga inkampani edayisa izinsimbi ezindala eKrugersdorp imali engaphezu kuka-R100 000 ngoMashi 24, kusho uLieutenant Colonel Katlego Mogale.

Amadoda amathathu ayezenza amaphoyisa enza sengathi aphenya ngecala elithize kule nkampani eLuipaardsvlei.

"Babehamba ngeHonda Civic, begqoke izingubo zabo namajakhethi amaphoyisa kanjalo namakepisi," kusho uMogale.

Omunye wala madoda wakhipha ikhadi lamaphoyisa.

"Balutha abanikazi besitolo ngokuthi baphenya ngecala elithize, base bephuca imenenja nabasebenzi imali elinganiselwa ku-R110 000, amaselula nesibhamu."


 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


- SAPA

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX

Ezintsha ngo-Oscar Pistorius

Emizuzwini eyi-36 edlule
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 15-22°C Sunny. Mild. Pta: 12-26°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 9-20°C Sunny. Mild. Bloem: 7-23°C Sunny. Mild.
Dbn: 13-19°C Showers late. Mostly cloudy. Cool. PE: 10-19°C More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...