Kuboshwe iphoyisa ngokuzama ukweqisa iziboshwa
2012-11-01 10:28
Johannesburg - Iphoyisa lesifazane lasePitoli liboshiwe ngezinsolo zokuzama ukusiza abaphangi ababili ukuba beqe esitokisini samaphoyosa, kusho umbiko ngoLwesine.
UWarrant Officer Anina Beukes, 38, usolwa ngokubhala incwadi engekho emthethweni egunyaza ukudedelwa kukaDawie Nagel, 35, no-Arnold Brits, 34, esitokisini eNkantolo yeMantshi ePitoli.
Abalisa ababili, baseValhalla, eCenturion, sebevele enkantolo izikhathi eziningi kusukela ngoMeyi 2009, kanti bebesalokhu begcinwe esitokisini kusukela lapho.
Ngesikhathi beboshwa, babanjwa nelambu lamaphoyisa eliluhlaza emotweni yabo, okusolakala ukuthi babesebenzisa lona ukumisa abahamba ngezimoto bese beyazithatha izimoto zabo.
Kusolakala ukuthi bazana noBeukes ngesikhathi bevela enkantolo.
- “Like”
ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho
- Landela
IzindabaNews24 kuTwitter
- SAPA