Kuboshwe iphoyisa ngokugqekezwa kwesitolo
2012-12-28 12:43
Johannesburg - Kuboshwe iphoyisa elisolwa ngokuba yingxenye yokugqekezwa kwesitolo -- liwushaye waphelela umfaniswano wamaphoyisa, eSunnyside, kusho amaphoyisa ngoLweshlanu.
Okhulumela amaphoyisa uCaptain Pinky Tsinyane uthe leli phoyisa, 56, liboshwe nabanye abantu ababili ngemuva kokugqekezwa kwesitolo esisePitoli.
"Kuthiwa ubewushaye waphelal umfaniswano wamaphoyisa," kusho uTsinyane.
Kuthiwa iphoyisa lizovela enkantolo ngecala lokugqekeza.
Kusathungathwa ezinye izigebengu ezimbili ezikwazile ukubaleka.
- “Like”
ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho
- Landela
IzindabaNews24 kuTwitter
- SAPA