Kuboshwe iphoyisa ngokufa komuntu
2012-03-28 12:21
Johannesburg - Kuboshwe iphoyisa kulandela ukuthi lidubule labulala umuntu obemi ngasesiteshini sesitimela eCleveland, kusho amaphoyisa aseGauteng ngoLwesithathu.
"Kusolakala ukuthi leli phoyisa nethimba elisebenza nalo belisesha imoto yohlobo lweVW Polo kulesi siteshi sesitimela," kusho uLieutenant Colonel Tshisikhawe Ndou.
"Kusolakala ukuthi isibhamu saleli phoyisa sibe sesiyaqhuma sadubula sabulala umuntu obemi eceleni."
Kube sekubizwa inhlangano ephenya ngamacala athinta amaphoyisa i-Independent Complaints Directorate (ICD) kulesi sehlakalo kwase kuvulwa icala lokubulala.
"Kuzophenywa ngaleli cala njengoba idokodo selinikelwe kwabe-ICD," kusho uNdou.
Leli phoyisa libekwe icala lokubulala kanti kulindeleke livele eNkantolo yeMantshi yaseGoli ngoLwesine.
- “Like”
ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho
- Landela
IzindabaNews24 kuTwitter
- SAPA