Kuboshwe iphoyisa likamasipala ngokubulala

2012-12-31 12:29

Johannesburg - Sekuboshwe iphoyisa likaMasipala waseGoli ngezinsolo zokudubula libulale intombi yalo nowesilisa eSoweto ngoMsombuluko.

Kusolakala ukuthi leli phoyisa elineminyaka engu-30 lisebenzise isibhamu somsebenzi ukuthumba owesifazane, kusho okhulumela amaphoyisa kamasipala uSenior Superintendent Wayne Minnaar.

Phambilini umama wentombi, nomngani wesilisa, banikele endlini yephoyisa eBramfischerville, eSoweto, okuyilapho kuqubuke khona ingxabano kwase kudutshulwa laba ababili.

Umfanyana oneminyaka emihlanu ubudala, ohlala kamakhelwane, udubuleke emlenzeni.

Iphoyisa liboshwe ekuseni ngoMsimbuluko laphucwa umfaniswani womsebenzi, ibheji kanye nesibhamu.

Kulindeleke ukuba livele eNkantolo yeMantshi ePitoli ngoLwesithathu ngamacala okubulala nelokuzama ukubulala.




 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela Izindaba News24 kuTwitter (@IzindabaNews24).


NEXT ON NEWS24 ISIZULUX

Kungene "umkhumbí' kwathula inkundla

Emizuzwini eyi-56 edlule
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-24°C High level clouds. Mild. Pta: 17-30°C More sun than clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 14-24°C Passing showers. Morning clouds. Mild. Bloem: 14-18°C Rain showers. Broken clouds. Mild.
Dbn: 17-20°C Numerous showers. Mostly cloudy. Cool. PE: 16-19°C More clouds than sun. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...