Kuboshwe iphoyisa eladubula isigebengu
2013-01-23 12:04
Durban - Likhalelwe ngamasongo kaSigonyela iphoyisa eladubula labulala isigebengu ngesikhathu kunempi yezulu lezandla esitolo esidayisa inyama yenkukhu echochombisiwe, kusho i-Independent Police
Investigative Directorate (IPID) ngoLwesithathu.
Iphoyisa elingukapteni liboshelwe ukubulala nokuvimbela ukusebenza kwengalo yomthetho, kusho okhulumela i-IPID uMoses Dlamini esitatimende.
Kulindeleke livele eNkantolo yeMantshi yasePinetown ngoLwesithathu.
UDetective-Constable Ajith Krishinlall wadutshulwa washona kwathi uDetective-Constable Jerome Ngoma walimala kabi ngesikhathi kugetshengwa iKentucky Fried Chicken eNew Germany, eThekwini, ngo-Okthoba 5.
Ngaleso sikhathi, kuthiwa iphoyisa leli nalo lalikhona kwenzeka lokhu lase lidubula izigebengu.
UDlamini uthe: "Kwabikwa ukuthi umsolwa wayedubula ebhekise kuleli phoyisa, nokungalona iqiniso."
- “Like”
ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho
- Landela
IzindabaNews24 kuTwitter
- SAPA