Kuboshwe iphoyisa eN West

2012-12-11 14:31

Johannesburg - Kuboshwe iphoyisa ngezinsolo zokufuna ukugwazelwa, kusho amaphoyisa aseNorth West ngoLwesibili.

"Kusolakala ukuthi wafuna u-R1000 ukuze ahoxise icala aphinde adedele umsolwa esitokisini,” kusho okhulumela amaphoyisa uLieutenant Colonel Lesego Metsi.

Leli phoyisa elineminyaka engu-33 ubudala liboshwe ngoMsombuluko, eMmabatho.

UMetsi uthe iphoyisa lizwe umnikazi wendawo yokucima ukoma etshela elinye iphoyisa ukuthi ufuna ukuhoxisa icala elibhekene nomsolwa ovele usezikhindini.

"Iphoyisa libe selenza okufanele lathi lona wesifazane akaye eNkantolo yeMantshi eMmabatho ayokhuluma nayo, njengoba kuyinqubo elandelwayo uma umuntu ehoxisa icala ngokusemthethweni.”

Iphoyisa libe selitshela lona wesifazane ukuthi yena angalihoxisa icala uma emkhokhela u-R1000. Imali yakhokhwa kabili ngo-R500, kodwa iphoyisa lahluleka ukwenza njengesethembiso salo.

Owesifazane wabe esefaka icala. Kulindeleke ukuba livele eNkantolo yeMantshi eMmabatho ngecala lenkohlakalo maduzane.
 



 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela Izindaba News24 kuTwitter (@IzindabaNews24).


NEXT ON NEWS24 ISIZULUX

Kudutshulwe usomatekisi nowakwakhe eKZN

Emizuzwini eyi-0 edlule
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 13-23°C Morning clouds. Mild. Pta: 20-33°C Showers late. More sun than clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 16-28°C Morning clouds. Pleasantly warm. Bloem: 11-31°C High level clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 17-19°C a few showers. More clouds than sun. Cool. PE: 15-19°C Decreasing cloudiness. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...