Kuboshwe iphoyisa ngezinsolo zokudlwengula

2012-11-27 07:45

Johannesburg - Iphoyisa laseWestern Cape likhalelwe ngamasongo kaSigonyela ngezinsolo zokuthi lidlwengule owesifazane esiteshini samaphoyisa eLangebaan, kusho i-Independent Police Investigative Directorate (Ipid).

Leli phoyisa, 53, libe seliyaboshwa kulandela lezi zinsolo.

Kuthiwa ladlwengula owesifazane, 23, owayeboshelwe ukutholakala nezidakamizwa ngoNovemba 16, kusho okhulumela lolu phiko uMoses Dlamini.

“Wakhipha isisulu esitokisini waya naso ehhovisi lakhe. Kuthiwa yilapho okusolakala ukuthi wadlwengula ummangali ephindelela."

Umsolwa uzovela eNkantolo yeMantshi yaseLangebaan ngoLwesibili.


 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

- SAPA

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX

Kulula ukuthola i-HIV kwabahlukunyezwayo

Emizuzwini eyi-30 edlule
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Ezifundwe ukuzedlula zonke
Ezi-emailwe ukuzedlula zonke
Ezithasiselwe ukuzedlula zonke
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 18-22°C More sun than clouds. Mild. Pta: 17-30°C Tstorms late. More sun than clouds. Warm.
Jhb: 13-25°C Showers late. Broken clouds. Warm. Bloem: 15-31°C More sun than clouds. Warm.
Dbn: 17-23°C Decreasing cloudiness. Mild. PE: 17-25°C More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...