Kuboshwe inqwaba ngamathikithi omgwaqo
2011-11-07 13:52
Durban - Amaphoyisa kaMasipala weTheku asezwakalise ukukhathazeka kwawo ngabashayeli abasaqhubeka nokuphula imithetho yomgwaqo nakuba kunemizamo egqugquzela ukuphepha eThekwini, kubika iNewswatch.
Bayela ku-100 abantu asebeboshiwe ngenxa yezinhlawulo yomgwaqo kanye namawaranti eThekwini.
Amaphoyisa kamasipala aqhube umkhankaso maphakathi nangaphandle kweTheku ngempelasonto.
Kuboshwe abantu abangu-96 ngokuphula imithetho yomgwaqo.
U-Eugene Msomi nokhulumela amaphoyisa alo masipala uthi abashayeli abangu-81 bakwazile ukukhokha inhlawulo ngaso leso sikhathi ukuze bagweme ukuboshwa.
Abanye abangu-15 bona baboshiwe.
UMsomi uthi kulindeleke ukuba bavele enkantolo ngoMsombuluko.
– "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.
– Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).
- News24