Kuboshwe ingane etholakale nesibhamu

2012-11-15 14:03

Johannesburg - Kuboshwe umfanyana, 14, ngokutholakala nesibhamu esingekho emthethweni eLotus Gardens, entshonalanga nePitoli, kusho amaphoyisa aseGauteng ngoLwesine.

Uboshwe ngoLwesithathu ebusuku wase ededelelwa ngaphansi kweso labazali bakhe, kusho uCaptain Pinky Tsinyane.

"Kusolakala ukuthi le ngane ihambe nalesi sibhamu yaya naso esikoleni. Ube esebonakala naso kwabe sekwaziswa amaphoyisa," kusho uTsiyane.

Amaphoyisa aseshe ekhaya lalo mfana nebala asithola sithukuswe ngaphansi kombhede wakhe.

Ngesikhathi ebuzwa ukuthi usithathephi uthe esikamalume wakhe, nothe uma ebuzwa ngaso waphika walala ngomhlane.

Uzovela eNkantolo yeMantshi yasePitoli ngoLwesihlanu ngecala lokutholakala nesibhamu esingekho emthethweni.


 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


- SAPA

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Ezifundwe ukuzedlula zonke
Ezi-emailwe ukuzedlula zonke
Ezithasiselwe ukuzedlula zonke
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 17-23°C More sun than clouds. Mild. Pta: 17-30°C Showers late. Afternoon clouds. Warm.
Jhb: 14-25°C Sunny. Warm. Bloem: 12-26°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 18-24°C More clouds than sun. Mild. PE: 15-22°C More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...