Kuboshwe indoda ngelokubulala ingane

2013-02-04 14:04

Johannesburg - Kuboshwe indoda ngezinsolo zokuthumba nokubulala intombazane eneminyaka engu-11 ubudala esigodini saseMmakau, kusho amaphoyisa aseNorth West ngoMsombuluko.

USergeant Philani Nkwalase uthe le ndoda ingene ngewindi ekhaya lengane yayidumela ilele nomunye wakubo omncane ekuseni ngoMgqibelo.

Indawo yaseMmakau ingamakhilomitha angu-14 ukusuka eBrits.

Umama wengane wayelele nesoka lakhe kwelinye ikamelo ngesikhathi kwenzeka lokhu. Bavuswa ukuzwa umsindo. Kodwa, intombazane ngaleso sikhathi yayivele ingasekho. Udaba lwabikwa emaphoyiseni.

Isidumbu sayo satholakala ngokuhamba kosuku emjondolo othize, sifihlwe ngaphansi kombhede inklinyiwe.

Iphephandaba iDaily Sun lithe igama lentombazane ngu-Ofentse Mogale.

Kuboshwe indoda eneminyaka engu-41 ubudala ngalokhu.

Izovela eNkantolo yeMantshi eGa-Rankuwa maduzane ngecala lokubulala.

Amaphoyisa aphenya ukuthi ngabe idlwenguliwe yini ngaphambi kokubulawa.


 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


- SAPA

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 16-22°C Sunny. Cool. Pta: 15-25°C Morning clouds. Warm.
Jhb: 12-22°C Morning clouds. Mild. Bloem: 16-29°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 16-30°C Haze. Warm. PE: 15-24°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...