Kuboshwe ibhungu ngokufa kwengane eKZN

2012-12-10 16:53

Durban - Amaphoyisa asebophe owesilisa, kulandela ukutholakala kwesidumbu sengane eneminyaka emihlanu ubudala, sifakwe ethoyilethi lomgodi, ekhaya kubo eHighflats, kusho amaphoyisa ngoMsombuluko.

Ibhungu elineminyaka engu-23 ubudala, liboshwe ngemuva kwesikhashana kutholakale isidumbu sengane emgodini wethoyilethe, eThathani, kusho okhulumela amaphoyisa uColonel Jay Naicker.

NgoMgqibelo, kuthiwa ingane yavakashela kwamakhelwane yangabe isabuya, akwase kubikelwa amaphoyisa aseHighflats, ngokunyamalala kwayo.

Ngesikhathi kuthungathwa ingane ngeSonto, umkhondo ohogelwe yizinja zamaphoyisa, ukhombe emgodini wethoyilethe, elijule ngo-1.6m.

Amaphoyisa abe esebopha umsolwa, ashaqa nomese ekukholakala ukuthi uwusebenzise ebulala ingane.

Imbangela yokubulala ibingakazeki, umsolwa uzovela ngaphambi kwenkantolo yeMantshi yaseHighflats, ngoLwesibili.





 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).


Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Kuvaliwe ukuphawula kulolu daba.
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 10-14°C Broken clouds. Cool. Pta: 6-22°C Showers late. More sun than clouds. Mild.
Jhb: 3-16°C Showers late. More sun than clouds. Cool. Bloem: 0-13°C High level clouds. Cool.
Dbn: 10-11°C Numerous showers. Mostly cloudy. Quite cool. PE: 8-15°C a few showers. More sun than clouds. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...