Kuboshwe ekade bezama ukuqola abantu eNelspruit

2013-01-03 15:03

Johannesburg - Amadoda amabili asolwa ngokuzama ukuqola abantu, aboshiwe wuphiko loKlebe esenxanxatheleni yezitolo eNelspruit, kusho amaphoyisa ngoLwesine.

Okhulumela amaphoyisa uCaptain Paul Ramaloko uthi abasolwa ababili bebezenza abasebenzi basebhange, bemi emshinini wokukhipha imali eMatsulu, laba bebethi basiza abantu ekade befuna ukukhipha imali.

"Izinsolo zithi omunye wabasolwa uthathe ikhadi lomuntu obezama ukukhipha imali, wase elikopisha ngomshini wabo, abagila ngawo imikhuba,” kusho uRamaloko.

"Abantu abakade besendaweni yesehlakalo babe nezinsolo, kwase kusuka umsindo.”

Amaphoyisa ehlise abantu imimoya, ase ebopha abasolwa, abasolwa bazovela ngaphambi kweNkantolo yeMantshi yaKwabokweni ngoLwesihlanu.
 


 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela Izindaba News24 kuTwitter (@IzindabaNews24).


NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Ezifundwe ukuzedlula zonke
Ezi-emailwe ukuzedlula zonke
Ezithasiselwe ukuzedlula zonke
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 17-23°C Morning clouds. Mild. Pta: 19-32°C More sun than clouds. Hot.
Jhb: 16-27°C More sun than clouds. Warm. Bloem: 15-31°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 18-24°C Showers early. Decreasing cloudiness. Mild. PE: 18-23°C Showers early. More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...