Kuboshwe amaphoyisa mbumbulu
2012-09-21 16:32
Johannesburg - Amadoda amahlanu akhalelwe ngamasongo kaSigonyela ngesikhathi ebanjwa ezama ukuzenza amaphoyisa e-Edenvale, e-East Rand.
Okhulumela amaphoyisa uCaptain Kabelo Marumo uthe abasolwa baseminyakeni ephakathi kuka-27 no-38, ubudala.
Abathathu baboshwe ngesikhathi amaphoyisa emisa imoto ethize ebibonakala isolisa ingenazo izinombolo, abalisa abatholakale phakathi bebegqoke umfaniswano wamaphoyisa bewushaye waphelela futhi benezigqebhezana ezibachazayo ukuthi bangobani.
Umsolwa wesine ubanjwe esendaweni yokudla e-Edenvale, amaphoyisa alandele umkhondo kwagcina kuboshwa umsolwa wesihlanu.
Laba babanjwe nezibhamu ezingekho emthethweni kanye nezinhlamvu kanjalo nezinye izinsiza zamaphoyisa.
– "Like" ikhasi lethu
ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.
– Landela Izindaba News24 kuTwitter
(@IzindabaNews24).