Kuboshwe amabhungu ngokweba imfuyo

2012-11-16 14:03

Johannesburg - Kuboshwe amabhungu amathathu ngezinsolo zokuthi ebe imfuyo eRocklands ngase-Uitenhage, kusho amaphoyisa ase-Eastern Cape ngoLwesihlanu.

NgoLwesithathu ebusuku, umlimi wathola enye yezimvu zakhe ihlinziwe ilengiswe esihlahleni epulazini lakhe.

Wabe esehlaba umkhosi emaphoyiseni, kusho uLieutenant Colonel Priscilla Naidu.

Amaphoyisa abe eseqapha indawo kwathi ngoLwesine ekuseni kwafika abafana abane abaneminyaka ephakathi kuka-14 no-16 ubudala kuleli pulazi.

Bathi amehlo abo ehlangana nawamaphoyisa, bakha phansi, kwabanjwa abathathu.

Babe sebevela eNkantolo yeMatshi yasePort Elizabeth.


 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

- SAPA

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 16-25°C Sunny. Warm. Pta: 18-30°C Tstorms late. More sun than clouds. Warm.
Jhb: 14-25°C Showers late. More sun than clouds. Warm. Bloem: 14-30°C High level clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 17-23°C Showers late. Mostly cloudy. Mild. PE: 15-19°C Showers early. Partly cloudy. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...