Kuboshwe amabhungu ngokuduna imoto
2012-12-20 12:48
Pietermaritzburg - Amaphoyisa abophe amabhungu amabili mayelana nokuthumba indoda nokuyiduna imoto yayo yohlobo lweVolvo S40 enkabeni yedolobha eMgungundlovu.
Umsolwa wesithathu usagcwele amathafa.
Okhulumela amaphoyisa uCaptain Thulani Zwane uthe la basolwa beze kuHoosen Mohamed, 47, bacela ukumgezela imoto yakhe ngesikhathi kusavale irobhothi ezimpambanweni zomgwaqo uMasukwana noHoosen
Haffejee Street ekuseni ngoLwesibili.
Ube esebanika u-R20, kodwa wathi imoto yakhe ayidingi ukuwashwa.
Kuthiwa babe sebevula umnyango wemoto bakhipha imimese bayalela uMohamed ukuba aphume emotweni.
Base bembopha izandla bamvalela ebhuthini lemoto bahamba naye bayomlahla eceleni komgwaqo.
Imoto itholakale ifihlwe phakathi kwemizi eMpophomeni.
Abasolwa baneminyaka engu-15 no-18 ubudala.
- “Like”
ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho
- Landela
IzindabaNews24 kuTwitter
- The Witness