Kuboshwe abokufika ngelobugebengu eKZN

2011-07-26 12:23

Pietermaritzburg - Kuboshwe amadoda ayisithupha angawokudabuka eCongo naseZimbabwe mayelana nezigameko ezine zokugqekeza amabhizinisi amane eMountain Rise, eMgungundlovu.

Lezi zigameko zenzeke phakathi kukaJuni noJulayi.

Kulolu hlelo lapho amaphoyisa elunywe khona indlebe, agasele amaflethi kuHoosen Haffajee nakuRetief Street ngoLwesine nangoLwesihlanu kwaboshwa abasolwa abane.

Olunye uphenyo luholele amaphoyisa emzini oKwaPata, ePlessislaer nalapho ebophe khona abanye abasolwa ababili ngazo lezi zinsolo.

Okhulumela amaphoyisa uWarrant Officer Joey Jeevan uthe la madoda abegebenga amabhizinisi ngezikhathi zokuvula nokuvala.

Kulindeleke ukuthi bavele eNkantolo yeMantshi eMgungundlovu kungekudala kanti uphenyo luyaqhubeka.

"Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lakho.

Landela IzindabaNews24 kuTwitter.

- The Witness

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX

Umndeni embangweni wesidumbu

2017-02-27 14:01
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Kuvaliwe ukuphawula kulolu daba.
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 17-23°C Sunny. Mild. Pta: 15-26°C Morning clouds. Warm.
Jhb: 13-21°C Showers late. Broken clouds. Mild. Bloem: 15-26°C Broken clouds. Warm.
Dbn: 19-28°C Sunny. Warm. PE: 18-30°C Sunny. Warm.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...