Kuboshwe abokufika e-PE
2012-06-14 15:09
Johannesburg - Owesilisa nowesifazane abadabuka eGhana baboshwe ngamaphoyisa esikhumulweni sezindiza ePort Elizabeth, ngemuva kokutholakala nempahla eyebiwe engadla inani lika-R300 000.
Owesilisa oneminyaka engu-27 ubudala nowesifazane oneminyaka engu-32 ubudala baboshwe ngemuva kokutholakala nempahla eyebiwe," kusho uCaptain Mali Govender.
"Abasebenzi esikhumulweni sezindiza batshele amaphoyisa ukuthi kukhona abakusolayo ngomthwalo walaba," kusho uGovender.
Impahla ebanjiwe ihlanganisa ama-laptops angu- 32, amaselula angu- 11, imishini yokuthwebula nama-DVD Player nokunye.
Abasolwa bazovela ngaphambi kwenkantolo khona ngoLwesine.
– "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo
ngolimi lwakho.
– Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).