Kuboshwe aboMnyango wezokuThutha

2012-11-06 16:42

Johannesburg - UMnyango wezokuThutha uhambisana nophiko loKlebe, ubophe abasebenzi boMnyango abathathu abasolwa ngezenzo zenkohlakalo nokukhwabanisa, eGermiston, e-East Rand.

Izindaba ze-Eyewitness News zibike ukuthi izikhulu zithi lesi bekuyisiqalo, baningi abanye abasazokhalelwa ngamasongo kaSigonyela.

UMnyango ukanye nabeRoad Traffic Management Corporation bethule umkhankaso wokulwa nobugebengu nokuqedwa kwezimoto ezingekho sesimweni sokuba semgwaqeni.

Umholi wophenyo uBrett Monroe uthe izikhungo zokuhlolela ukushayela bezigcwele izimoto ezingekho esimweni esifanele, wathi kuthengiswa izitifiketi ezingumgunyathi, ikakhulu KwaZulu-Natal.

“Izimoto eziningi esifundazweni iGauteng, zinezimvume zokuba semgwaqeni ezingekho emthethweni. Iningi lazo yizimoto ezithwala umphakathi, zihamba phakathi kweGauteng neKwaZulu-Natal”

Abasolwa ababoshiwe bazobhekana necala lokukhwabanisa nelonkohlakalo.


 

 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).


NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 13-19°C Morning clouds. Mild. Pta: 5-22°C Sunny. Mild.
Jhb: 5-17°C Sunny. Mild. Bloem: -1-21°C Sunny. Mild.
Dbn: 10-23°C Partly cloudy. Mild. PE: 14-17°C More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...