Kuboshwe abashaye iphoyisa libalamula

2013-02-14 08:13

Klerksdorp – Kuboshwe amadoda amabili ngokushaya iphoyisa eKlerksdorp, nokuphethe ngokuthi likhishwe iso, kusho amaphoyisa aseNorth West.

UBrigadier Thulani Ngubane uthe la madoda aboshwe ngesikhathi kugaselwa emakubo eKanana.

Iphoyisa leli, liyilungu loKlebe, belihamba ngemoto yomsebenzi ngesikhathi libona amadoda amabili elwa ngoLwesine.

Lithe liyalamula, amadoda ajikela lona alishaya ngezagila.

Bathathe amaselula ephoyisa, iketela, inkomishi, imali nebhulukwe ngaphambi kokubaleka ngemoto yohlobo lweFord XR3 ebomvu.
 
“Iphoyisa libe seliya ekhaya liyothatha izingubo lase liya eLife Anncron Clinic,” kusho uNgubane.

Iso lalo belilimele kabi kwadingeka ukuthi likhishwe.

Abasolwa bazovela eNkantolo yeMantshi yaseKlerksdorp ngoLwesihlanu.


 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


- SAPA

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX

Kubanjwe inkunzi 3 wezitolo ePaarl Mall

Emizuzwini eyi-41 edlule
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 17-24°C Sunny. Mild. Pta: 15-29°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 13-25°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 14-31°C Morning clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 13-22°C Afternoon clouds. Mild. PE: 16-21°C Mostly sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...