Kuboshwe abaqola imishwalense eKZN
2012-04-20 14:10
Durban - Kuboshwe abantu ababili ngezinsolo zokuzama ukuqola izinkampani zemishwalense imali engango-R1.5 million besebenzisa izidumbu abazithathe emakhazeni, kusho amaphoyisa aKwaZulu-Natal.
"Uthisha, 35, waseSikhawini ngaseRichards
Bay nomnikazi wamakhaza, 37, waKwaDukuza bazovela eNkantolo yeziMali yaseThekwini ngoMsombuluko," kusho uLieutenant Colonel Vincent Mdunge.
Laba basolwa ngokusebenzisana ekuqoleni imali kulezi zinkampani besebenzisa izidumbu zakula makhaza.
Iphoyisa eliyirisevu laKwaMsane lathola ukuthi selibhaliswe njengoshonile ngesikhathi liyolungisa izinto zalo eMnyangweni wezaseKhaya.
Amaphoyisa aphenya ngalolu daba athola ukuthi baningi abayizisulu zalo mkhuba.
- “Like”
ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho
- Landela
IzindabaNews24 kuTwitter
- SAPA