Kuboshwe abangu-22 eGauteng

2012-12-17 11:02

Johannesburg - Kuboshwe abantu abangu-22 kwashaqwa nempahla yomgunyathi ka-R15 million ngesikhathi amaphoyisa evimbe umgwaqo eGauteng ngempelasonto.

Izimoto ezimbili ezebiwe, isithuthuthu, isibhamu kanye namabhokisi amathathu ezinhlamvu kanye nezidakamizwa kushaqwe ngamaphoyisa, kusho okhulumela amaphoyisa uLieutenant Colonel Lungelo Dlamini ngoMsombuluko.

Kube sekukhishwa amathikithi ka-R260 000, nanikwe abantu abephula umthetho.

Amaphoyisa abevimbe imigwaqo emikhulu ehlanganisa u-N1-Grasmere/Carousel Toll Gate, u-N3, N14 no-R59.

Lokhu kwenziwe eGoli edolobheni, ngasePark Station, okuyilapho kushaqwe khona izimpahla eziningi zomgunyathi kuhlanganisa nama-DVD.

"Lezi zimpahla bezizodayiselwa abantu abavakashayo ngamaholidi."

Kuboshwe abantu abayisishiyagalombili ngokutholakala nezidakamizwa, abayisithupha ngokuba kuleli ngokungemthetho, abane ngokuphuza emgwaqeni, ababili ngokushayela ngaphandle kwezincwadi zokushayela kanye nababili ngokukhwabanisa nokutholakala nezithuthuthu ezebiwe.


 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


- SAPA

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX

I-ANC ichayise i-DA kolukaZuma neNkandla

Emizuzwini eyi-18 edlule
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 16-24°C Sunny. Mild. Pta: 16-30°C Showers early. Morning clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 14-26°C High level clouds. Pleasantly warm. Bloem: 14-31°C Morning clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 16-24°C Partly cloudy. Mild. PE: 16-20°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...