Kuboshwe abakhwabanisela imishwalense eKZN

2013-02-04 14:04

Durban - Kuboshwe abalisa abane eThekwini ngezinsolo zokukhwabanisela inkampani yomshwalense imali engango-R3 million, kusho amaphoyisa aKwaZulu-Natal ngoMsombuluko.

La balisa abasebenza emakhazeni asendaweni, baboshwe ngoMgqibelo.

Basolwa ngokubhalisela uThemba Nene umshwalense wokushona (ilife insurance) ekubeni uThemba wangcwatshwa ngumndeni wakhe ngoMashi 2011, kanti futhi la balisa babhalisa le mishwalense ezinkampanini ezimbili, kusho isikhulumi samaphoysa uCaptain Thulani Zwane.

Inkampane yokuqala yawukhokha u-R3 million ngonyaka odlule. Kanti imali yomshwalense wesibili yona bebengakayitholi.

Amaphoyisa athola ukuthi umndeni kaNene awukwazanga ukwenza isitifiketi sokushona kukaThemba ngemuva kokuba abasemakhazeni bebatshele ukuthi umazisi wakhe waduka.

Abasemakhazeni bathembisa umndeni ngokuthi uma sebewutholile umazisi kaThemba bazobe sebebhalisela ukuthola isitifikeni sokufa.

"NgoJanuwari 24 kulo nyaka, umndeni kaNene wavakashelwa umsebenzi wasemakhazeni owabatshela ukuthi sebewutholile umazisi nokuthi sekwenziwa isitifiketi sokufa,” kusho uZwane.

Umsebenzi, ngosuku olulandelayo, wabe esefika futhi esezoletha isitifiketi sokufa.

"Sasingahambi ke sodwa isitifiketi sokufa, sasihambisana no-R15 000 owawuzonikwa umndeni. Wabatshela ukuthi emakhazeni bayababonga ngokubabekezelela kwabo selokhu kwashona uThemba."


 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter




- SAPA

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-24°C Sunny. Mild. Pta: 5-23°C Sunny. Mild.
Jhb: 4-18°C Sunny. Mild. Bloem: 1-21°C Sunny. Mild.
Dbn: 8-22°C Morning clouds. Mild. PE: 12-26°C Sunny. Pleasantly warm.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...