Kuboshwe abagibeli kuseshwa itekisi
2013-01-11 14:28
Johannesburg - Abagibeli ababili baboshiwe ngesikhathi bebanjwa nezikhwama eziqukethe umthunzi wezinkukhu, besetekisini esuka ePort Elizabeth, ilibangise eGrahamstown, kusho amaphoyisa ase-Eastern Cape.
Abasolwa abaneminyaka ephakathi kuka-20 no-30 ubudala, baboshwe emgwaqeni oku-N2, ngesikhathi amaphoyisa emisa itekisi iseshwa, kusho okhulumela amaphoyisa uCaptain Mali Govender.
"Bonke abagibeli bacelwe ukuthi bagodle imithwalo yabo, kwasala izikhwama ezimbili zingenamnikazi.”
Umshayeli wetekisi naye uziphikile ethi akazazi.
"Abagibeli yibo abampimpe abanikazi bezikhwama, zase zibakhalela,” kusho uGovender.
Izikhwama bezithwele insangu engathengisa ngenani lika-R16 000, abasolwa kulindeleke bavele ngaphambi kweNkantolo yeMantshi yaseGrahamstown, ngoMsombuluko.
– "Like" ikhasi lethu
ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.
– Landela Izindaba News24 kuTwitter
(@IzindabaNews24).