Kuboshwe abafundi e-UKZN
2012-08-22 16:23
Durban - Abafundi abahlanu basesikhungweni semfundo ephakeme i-University of KwaZulu-Natal, ophikweni iHoward College, baboshiwe ngesikhathi kuqhubeka umbhikisho wabafundi.
UCaptain Thulani Zwane uthe amaphoyisa asebenzise amathangi amanzi ukuzama ukuhlakaza isixuku ekade sibhikisha.
"Samukele umbiko othi kunombhikisho oqhubekayo futhi sekuphazamiseke ukufunda. Amaphoyisa abe esebopha abafundi ekade beqhuba umbhikisho onodlame," kusho okhulumela isikhungo uNomonde
Mbadi.
UMbadi uthe sekuhlelwe umhlangano ozokuba phakathi kwabafundi nabaphathi benyuvesi.
"Isikhungo sikugxeka kakhulu ukuphazanyiswa kokufunda nokwesatshiswa kothisha kanye nabafundi," kusho uMbadi.
Umbhikisho uqale ngoLwesibili, amaphoyisa alokhu esiqaphile isimo.
– "Like" ikhasi lethu
ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.
– Landela IzindabaNews24 kuTwitter
(@IzindabaNews24).