Kuboshwe abadayisa ngomzimba

2013-02-11 16:32

Johannesburg - Idolobha laseGoli laziwa njengesizinda sabadayisa ngocansi, isizinda sezidakamizwa kanye nokushushumbiswa kwabantu.

Ithimba lamaphoyisa ligasele efulethini eliseVereeniging, labhadama abesifazane abathengisa ngomzimba, bezibiza u-R50, umzuliswano ngamunye.

Umbiko wephephandaba iDaily Sun uthi amaphoyisa angama-SAPS ahlangane namaphoyisa kaMasipala waseMfuleni kanjalo nabeziNhlekelele.

Umkhankaso uthi maningi amantombazane asemancane ngokweminyaka agila lo mkhuba, abanye balaba baseminyakeni ephakathi kwengu-19 no-20 ubudala.

Amantombazane aboshiwe kutholakale ukuthi aqhamuka eWelkom, eFree State, iseGoli kanye naKwaZulu-Natal.

Laba batshele amaphoyisa ukuthi umphathi wawo ubaholela u-R100, umphathi ukwazile ukuphunyuka abaleke ngesikhathi kugasela amaphoyisa.

“Ngafika lana ngenyanga ka-Okthoba ngithi ngizothengisa ngomzimba kuze ngizothola imali,” kusho omunye wamantombazane.

Okhulumela umasipala waseMfuleni, uVeli Mcera uthe: “Inyanga kaFebhuwari yinyanga yokugqugquzela ukuphepha, imikhankaso efuze lona isazoqhubeka.”





 - Thola ezinye izindaba zeDaily Sun kumakhalekhukhwini wakho

  - Thola izindaba zeDaily Sun kuFacebook

 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).


NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-18°C Morning clouds. Mild. Pta: 11-27°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 9-22°C Sunny. Mild. Bloem: 12-25°C More sun than clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 15-28°C High level clouds. Warm. PE: 17-26°C High level clouds. Warm.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...