Kuboshwe ababhikishi KwaNobuhle

2012-08-16 14:03

Johannesburg - Abantu abayisishiyagalombili baboshiwe mayelana necala lokudala uthuthuva emphakathini ngoLwesine endaweni yaKwaNobuhle, ePort Elizabeth, kusho amaphoyisa ase-Eastern Cape.

UWarrant Officer Marianette Olivier uthe kuthunyelwe amaphoyisa kule ndawo ngesikhathi kuqubuka udweshu.

"Maningi amaphoyisa asethunyelwe, ababhikishi banodlame bajikijela amaphoyisa ngamatshe futhi bavale nemigwaqo."

Bayisishiyagalombili abantu ababoshiwe ekulindeleke bavele ngaphambi kweNkantolo yeMantshi yaKwaNobuhle ngoLwesihlanu.

Ababhikishi bafuna umasipala wendawo ubanike ingxenye yomhlaba kuze bezokwakha izindlu, kushiswe amahhovisi amakhansela kanjalo nomuzi.

"Siphenya icala lokucekela phansi impahla," kusho u-Olivier.



 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).

- SAPA

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-15°C Numerous showers. Afternoon clouds. Cool. Pta: 3-23°C Sunny. Mild.
Jhb: 6-18°C Sunny. Mild. Bloem: 5-22°C Sunny. Mild.
Dbn: 9-27°C Sunny. Warm. PE: 10-22°C Mostly sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...