Kuboshwe 7 ngelokudlwengula nokuphanga

2013-02-12 08:03

Makwassie - Alale ebaliwe amadoda ayisikhombisa ngokugebenga izithandani ase edlwengula owesifazane eMakwassie, ngaseWolmaransstad, kusho amaphoyisa aseNorth West.

Iqulu lamadoda ayisikhombisa, ebelihlome ngemimese, libhudubeze owesifazane nesoka lakhe ngesikhathi bephuma endaweni yokucima ukoma ngoMgqibelo ekuseni, kusho uCaptain Amanda Funani.

La madoda, aphakathi kweminyaka engu-18 no-21 ubudala, abe esebaphuca amaselula.

“Kusolakala ukuthi babe sebehamba nowesifazane bayomdlwengula," kusho uFunani.

Amaphoyisa abe esebopha la basolwa, kanti bazovela eNkantolo yeMantshi yaseMakwassie ngoLwesibili.



 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


- SAPA

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Kuvaliwe ukuphawula kulolu daba.
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 9-15°C Afternoon clouds. Cool. Pta: 8-19°C Rain late. Afternoon clouds. Mild.
Jhb: 5-14°C Showers late. Afternoon clouds. Cool. Bloem: 6-9°C Tons of rain. Mostly cloudy. Cool.
Dbn: 12-14°C Tons of rain. Mostly cloudy. Cool. PE: 11-14°C Passing showers. Afternoon clouds. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...