Kuboshwe 69 embhikishweni eSterkspruit
2013-02-13 10:02
Johannesburg - Kulindeleke bavele enkantolo ngoLwesithathu abantu abangu-69 baseSterkspruit ababoshelwe ukudala uthuthuva emphakathini, kusho amaphoyisa ase-Eastern Cape.
UBrigadier Miranda Mills uthe abangu-37 baboshwe ngoMsombuluko, kwathi abanye abangu-32 baboshwa ngoLwesibili ngesikhathi kuqhubeka le mibhikisho.
Isimo sebuyele kwesijwayelekile manje kulandela ukujutshwa kwamaphoyisa aqapha udweshu emphakathini.
"Amaphoyisa enza imizungezo kule ndawo kanti alungele noma ngabe yini engase isuse udlame.
"UMthethosisekelo wethu uqhakambisa imibhikisho enokuthula ngakho sicela umphakathi ukuba uhambisane nomthetho, noma uzifake engozini yokuthi ulale ubaliwe."
Izakhamuzi zifuna iSterkspruit ikhishwe ngaphansi kukaMasipala waseSenqu, ibe nomasipala wayo eceleni.
- “Like”
ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho
- Landela
IzindabaNews24 kuTwitter
- SAPA