Kuboshwe 6 ngelokweba e-E Cape

2012-08-10 15:04

Johannesburg - Kuboshwe amadoda ayisithupha e-Uitenhage ngezinsolo zokweba ngesikhathi bezama ukudayisa izinsimbi ezindala zesisindo sika-227kg, kusho amaphoyisa ase-Eastern Cape ngoLwesihlanu.

"Amaphoyisa ase-Uitenhage alunywe indlebe ngamadoda ebe izinsimbi emathuneni aseJubilee eKamesh," kusho uLieutenant Colonel Priscilla Naidu.

Lezi zinsimbi zilinganiselwa enanini lika-R2 000.

La madoda, aboshwe ngoLwesithathu, kulindeleke ukuthi avele eNkantolo yeMantshi yase-Uitenhage ngoLwesihlanu ngamacala okweba.

Esigamekweni esihlukile, kuboshwe umfana, 13, ngoLwesihlanu ngezinsolo zokugqekeza isitolo e-Uitenhage.


 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

- SAPA

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Kuvaliwe ukuphawula kulolu daba.
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 18-20°C a few showers. More sun than clouds. Cool. Pta: 21-34°C More sun than clouds. Extremely hot.
Jhb: 19-29°C Morning clouds. Pleasantly warm. Bloem: 18-34°C High level clouds. Extremely hot.
Dbn: 21-34°C a mixture of sun and clouds. Hot. PE: 18-25°C Showers early. More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...