Kuboshwe 51 obushayela uphuzile eThekwini

2012-12-10 10:04

Durban - Amaphoyisa abophe abantu abangu-51 abebeshayela bedle amanzi amponjwana eThekwini kule mpelasonto, kusho umbiko weNewswatch.

Amaphoyisa kaMasipala weTheku enze izimvimbamgwaqo kuM25 KwaMashu Highway kanjalo nasezindaweni ezakhele amabhishi aleli dolobha.

Labo ababoshiwe bazovela eNkantolo yeMantshi yaseNtuzuma kanjalo neyaseThekwini ngamacala okushayela bephuzile.

Okhulumela amaphoyisa u-Eugene Msomi uthi iningi lababoshiwe abaKwaMashu.

UMsomi ube esexwayisa abashayeli ngokuthi baqikelele ekuhlonipheni imithetho yomgwaqo kulesi sikhathi samaholidi.

Uthe bazoqhubeka nokwenza izimvimbamgwaqo ukuze kugwemeke izingozi.


 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 16-25°C Sunny. Warm. Pta: 18-31°C Rain late. Afternoon clouds. Warm.
Jhb: 15-26°C Showers late. Afternoon clouds. Warm. Bloem: 14-31°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 15-24°C Mostly cloudy. Mild. PE: 16-18°C Showers early. Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...