Kuboshwe 5 obuzama ukugqekeza eThekwini

2013-01-15 12:04
Yabelani Shicilela

Durban - Amadoda ayisihlanu aseminyakeni ephakathi kuka-25 no-35 ubudala akhalelwe ngamasongo kaSigonyela ngesikhathi kubhuntsha isigameko sokuphanga eGreenwood Park, eThekwini, kusho amaphoyisa aKwaZulu-Natal ngoLwesibili.

Okhulumela amaphoyisa uCaptain Thulani Zwane uthe amaphoyisa abenza umzungezo ojwayelekile e-Effingham Road ngoMsombuluko ngabo-04:15 azithele emotweni yohlobo lweToyota Tazz inabantu abayisihlanu.

Le moto ibishaya ngolonwabu, amalambu ecishiwe, kwathi uma ibona amaphoyisa yabaleka.

Amaphoyisa abe eseyijaha, athola izibhamu ezimbili, izinhlamvu nommese.

"Abasolwa baphekwe ngemibuzo base bevuma ukuthi bebeyophanga eMhlanga," kusho uZwane.


 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

- SAPA

Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Ezifundwe ukuzedlula zonke
Ezi-emailwe ukuzedlula zonke
Ezithasiselwe ukuzedlula zonke
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 13-20°C Afternoon clouds. Mild. Pta: 8-23°C Sunny. Mild.
Jhb: 8-19°C Sunny. Mild. Bloem: 9-23°C Sunny. Mild.
Dbn: 16-26°C Sunny. Mild. PE: 14-24°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...