Kuboshwe 4 ngokuthunjwa kwengane

2012-12-06 07:37
Yabelani Shicilela

Johannesburg - Kuboshwe abantu abane abangabokufika kulandela ukuthunjwa kwengane yentombazane eneminyaka eyisikhombisa ubudala ngaphandle kwesikole efunda kuso, kusho amaphoyisa aseGauteng.

Umama ohlala nale ngane ubeyiyisa esikoleni eWaterkloof Primary School ePitoli ngabo-07:30 ngoLwesithathu ngesikhathi ithathwa ngamadoda amane, kusho uCaptain Pinky Tsinyane.

La basolwa bathe bangamaphoyisa, bazama ukubopha le ngane izandla bayivala namehlo.

Kube sekuthushuka ubaba wale ngane esikhaleni wase eyithatha wakhala amaphepha.

Abanye abazali babe sebehlaba umkhosi emaphoyiseni.

“Amaphoyisa asathungatha ingane nobaba wayo, 42, okuthiwa bahambe ngeMercedes Benz enezinombolo ezithi SPR 947 GP. Amaphoyisa akholelwa ekutheni uzama ukweqa kuleli nengane."



 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


- SAPA

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Ezifundwe ukuzedlula zonke
Ezi-emailwe ukuzedlula zonke
Ezithasiselwe ukuzedlula zonke
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 16-26°C High level clouds. Warm. Pta: 12-22°C More sun than clouds. Mild.
Jhb: 8-18°C Morning clouds. Mild. Bloem: 8-21°C Sunny. Mild.
Dbn: 14-22°C More sun than clouds. Mild. PE: 13-23°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...