Kuboshwe 2 ngokuphanga eKZN

2012-11-02 10:33

Johannesburg - Zibakhalele abesilisa ababili baKwaZulu-Natal ngohide lwezigameko zokuphanga eMhlali naseBallito, enyakatho neTheku, kusho amaphoyisa ngoLwesihlanu.

Amaphoyisa alunywe indlebe ase ezithela emadodeni amabili eMlazi, aneminyaka engu-27 ubudala, ngoLwesine ekuseni.

Kuthiwa sebebambe inkunzi kuhlonyiwe amabhizinisi amaningi, kusho uCaptain Thulani Zwane.

"La basolwa bayingxenye yesigejana samadoda ahlalise lubhojozi amabhizinisi eMhlali naseBallito," kusho uZwane.

Uthe la macala enzeka phakathi kukaSepthemba 1 no-Okthoba 4.

Bazovela eNkantolo yesiFunda eMhlali ngoMsombuluko ngamacala okuphanga behlomile.



 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


- SAPA

Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Kuvaliwe ukuphawula kulolu daba.
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-15°C Heavy rain early. Morning clouds. Cool. Pta: 5-19°C Sunny. Mild.
Jhb: 5-15°C Mostly sunny. Refreshingly cool. Bloem: 5-17°C Scattered showers. Morning clouds. Mild.
Dbn: 15-27°C More sun than clouds. Mild. PE: 12-18°C Afternoon clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...