Kuboshwe 2 ngokufa kwesalukazi
2012-12-05 14:02
Johannesburg - Kuboshwe abalisa ababili ngokubulawa kowesifazane oneminyaka engu-70 ubudala eButterworth, kusho amaphoyisa ase-Eastern Cape ngoLwesithathu.
La balisa abaneminyaka engu-20 no-23 ubudala, baboshwe ngoLwesibili ntambama ngokubulala u-Adelaide Nompucuko Tshuku ekuseni ngalo lolu suku, kusho uCaptain Jackson Manatha.
Bazovela eNkantolo yeMantshi eButterworth ngoLwesine.
UTshuku ubulawe endaweni yaseMangweni, esigodini sakwaZangwa, ngaphandle kwaseButterworth, kusho uManatha.
"UTshuku ubelimele isingezansi kanti futhi ubenesibazi emqaleni.
"Utholakale esembhedeni kanti kusolakala ukuthi kungenzeka ukuba udlwenguliwe.”
Utholwe isakhamuzi obekumele simphelezele ayohola impesheni yakhe, esho.
UTshuku ubehlala yedwa.
Indodana yakhe endala yavakashela umngani wayo khona endaweni kanti enye encane ihlala komunye umuzi kusona lesi sigodi.
- “Like”
ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho
- Landela
IzindabaNews24 kuTwitter
- SAPA