Kuboshwe 2 ngokubulawa kwasebekhulile

2013-01-16 16:02

Johannesburg - Abantu ababili baboshiwe mayelana nezinsolo ngokubulawa kwabashadikazi asebekhulile, ekutholakale izidumbu zabo ekhaya labo epulazini eSomerset, ngaseParys, eFree State.

Umbiko ukhishwe wuphiko loKlebe ngoLwesithathu.

"Owesilisa nowesifazane baboshiwe eZambala, babhekene namacala okubulala. Laba babanjwe nezimpahla zabashadikazi ababulewe," kusho okhulumela amaphoyisa uCaptain Paul Ramaloko.

URamaloko uthi owesilisa uneminyaka engu-30 ubudala, kuthi owesifazane abe neminyaka engu-46 ubudala, laba bazovela ngaphambi kweNkantolo yeMantshi yaseParys ngoLwesihlanu.

NgoLwesibili, amaphoyisa aseFree State athe kutholakale izidumbu zabashadikazi, zisegalaji elisekhaya, elikade lsebenza njengesitolo.

"Umyeni wowesifazane utholakale elele phansi eshonile, ezinyaweni ubeboshiwe, ekhanda embozwe ngopulasitiki. Unkosikazi wakhe utholakale efakwe efrijini."

URamaloko uthi imbangela yokubulala ibingakazeki.

 


 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela Izindaba News24 kuTwitter (@IzindabaNews24).



NEXT ON NEWS24 ISIZULUX

Umbiko oshaqisayo ngekhaya labadala

Emizuzwini eyi-28 edlule
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 16-26°C Sunny. Warm. Pta: 16-27°C Showers early. Morning clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 11-21°C a few showers. Mostly cloudy. Mild. Bloem: 13-28°C Showers late. More sun than clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 17-19°C Rain showers. More clouds than sun. Cool. PE: 14-19°C More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...