Kuboshwe 2 ngokubulawa kukasomatekisi

2012-12-20 08:28

Welkom - Kuboshwe amadoda amabili mayelana nesigameko sokubulawa komshayeli wetekisi eThabong, eWelkom, kusho amaphoyisa aseFree State.

Zibakhalele ngoLwesibili ngalesi sigameko esenzeka ngoMsombuluko, kusho uSergeant Mamello Macheoane.

UKebile Solomon Lephoi, 51, wagwazwa wabulawa ngamadoda amathathu ngesikhathi ezama ukusiza owesifazane owayegetshengwa.

“Owesifazane wabona itekisi ima wase ebalekela kuyo, nabasolwa bamlandela bafike bagwaza umshayeli wayo umzimba wonke."

Abasolwa ababili kulindeleke ukuthi bavele eNkantolo yeMantshi yaseWelkom.

Owesithathu usagcwele amathafa.



 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


- SAPA

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Kuvaliwe ukuphawula kulolu daba.
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 19-24°C More sun than clouds. Mild. Pta: 20-32°C Mostly sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 18-29°C High level clouds. Pleasantly warm. Bloem: 18-30°C Showers early. More sun than clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 20-26°C Morning clouds. Mild. PE: 23-27°C Decreasing cloudiness. Warm.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...