Kuboshwe 15 embhikishweni eKapa

2012-09-11 08:45

Cape Town - Kuboshwe abantu abangu-15 ngesikhathi kunemibhikisho yokulethwa kwezidingo eTouws River eWestern Cape, kusho umbiko wangoLwesibili.

I-The Cape Times ibike ukuthi amakhulu abantu baseZion Park babuthanele ngasemgwaqeni omkhulu u-N1 ngoMsombuluko ekuseni, bashisa amathayi namagatsha ezihlahla.

Enye ingxenye yomgwaqo ivalwe kwaze kwashaya u-14:00 njengoba bekumele kususwe amatshe abevimbe emgwaqeni.

Umholi womphakathi uMichael Visagie utshele iphephandaba ukuthi abahlali bathenjiswa izindlu kanye nezinye izidingongqangi emhlanganweni womphakathi ngeledlule.

"Sikulungele ukufa. Ngeke siyeke ukubhikisha kuze kube izidingo zethu ziyalethwa. Sathenjiswa izindlu, izindlu zangasese ezisesimweni esikahle, imigwaqo enetiyela, ugesi kanye namanzi, ngakho-ke lokhu sikufuna kufezekisiwe."

Imenenja kaMasipala waseBreede River Valley, uGerrit Matthyse, uthe imbangela enkulu yemibhikisho ukuthi abantu sebelinde iminyaka engaphezulu kwengu-20, besohlwini lwabalinde ukuthola izindlu, ngakho badiniwe.

Babalelwa ku-25 000 abantu abasohlwini lokuthola izindlu.


 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


- SAPA

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Ezifundwe ukuzedlula zonke
Ezi-emailwe ukuzedlula zonke
Ezithasiselwe ukuzedlula zonke
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 17-21°C Scattered showers. More sun than clouds. Mild. Pta: 18-24°C Showery. Mostly cloudy. Mild.
Jhb: 15-20°C Numerous showers. Mostly cloudy. Mild. Bloem: 14-24°C Rain early. Morning clouds. Mild.
Dbn: 19-28°C Rain late. Mostly cloudy. Warm. PE: 17-22°C Showers early. More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...