Kuboshwe 107 ngokufa kowesifazane

2013-01-09 08:01
Yabelani Shicilela

Johannesburg - Abantu ababalelwa ku-107, baboshiwe mayelana necala lokubulawa kowesifazane waseMadadana ngaseBizana, e-Eastern Cape, obulawe ngokudliswa ushevu.

NgoMsombuluko, iqulu labahlali ligasele emzini wowesifazane oneminyaka engu-49 ubudala, limsola ngokufihla indoda ethize, ebisolwa ngokudlwengula ibulale intombazane eneminyaka engu-18 ubudala, kusho okhulumela amaphoyisa uCaptain Mlungisi Mathidane.

Iqulu liphoqe lona wesifazane ukuthi aphuze ushevu, ngemuva kwesikhathi lona ube eseshona ekhala ngamajaqamba esiswini.

Indoda esolwa ngokudlwengula, yona yaboshwa ngesonto eledlule, namanje isavalelwe esitokisini.

Iqulu elihlasele owesifazane lihlanganisa abesilisa abangu-38 nabesifazane abangu-69,  bonke bazovela ngaphambi kweNkantolo yeMantshi eBizana, ngoLwesithathu.

Abasolwa babhekene necala lokubulala.



 

"Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

Landela Izindaba News24 kuTwitter (@IzindabaNews24).

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Ezifundwe ukuzedlula zonke
Ezi-emailwe ukuzedlula zonke
Ezithasiselwe ukuzedlula zonke
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 17-24°C Sunny. Mild. Pta: 11-26°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 10-21°C Sunny. Mild. Bloem: 8-25°C Mostly sunny. Mild.
Dbn: 17-28°C More sun than clouds. Warm. PE: 15-22°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...