Kubikwe izigameko zamarabi eKZN

2012-05-07 12:33
Yabelani Shicilela

Durban - Kubikwe izigameko ezingu-97 zamarabi emakatini nasezinjeni KwaZulu-Natal kusukela kuqale lo nyaka, ngokusho kombiko wamarabi kulesi sifundazwe ngoMsombuluko.

"Izindawo ezithinteka kakhulu isifunda uGu, iPort Shepstone, uThungulu, iBergville neWinterton," kusho imenenja yalolu hlelo uKevin le Roux.

Umlimi wase-Underberg uGraeme Anderson, nokusolakala ukuthi wathola isifo samarabi emuva kokuthola ngenja, ubangwa nezibi esibhedlela, kubika iThe Witness ngoMsombuluko.

UDkt Grant Lindsay utshele leli phephandaba ukuthi u-Anderson wathola le nja waya nayo kwakhe emasontweni ayisithupha edlule.

Ungeniswe esibhedlela ngoLwesithathu wadluliselwa egumbini labagula kakhulu ngoLwesihlanu.

Okhulumela uMnyango wezoLimo uJeffrey Zikhali uthe bakhathazekile ngamarabi esifundazweni.


 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

- SAPA

Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Ezifundwe ukuzedlula zonke
Ezi-emailwe ukuzedlula zonke
Ezithasiselwe ukuzedlula zonke
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 15-23°C Sunny. Mild. Pta: 10-19°C Morning clouds. Mild.
Jhb: 7-15°C Morning clouds. Cool. Bloem: 9-19°C More sun than clouds. Mild.
Dbn: 14-23°C Sunny. Mild. PE: 12-24°C High level clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...