Kubi kugogo olunywe yinyoka
2012-11-22 10:07
Johannesburg - Ugogo waseBoksburg, e-East Rand uthola ukwelashwa esibhedlela sasePitoli kulandela ukuthi alunywe yimfezi yaseMozambique, ngasepulazini iBela-Bela, kusho umbiko wephephandaba iBeeld, ngoLwesine.
USannie Haywood, 78, ulunywe yinyoka kubhozo, ubesemzini wendodakazi yakhe, lona ugcinwe egumbini labagula kakhulu esibhedlela iMuelmed.
Indodakazi yakhe uMagda Botha, ithe bebehlezi ngaphakathi endlini ngesikhathi umama wakhe ezwa kukhona okumgwaza kubhozo.
"Yini lena engigwazayo?" kubuza umama
UBotha uthe ube esebona inyoka ibaleka ingena ngaphansi kosofa, umyeni kaBotha ugcine ekwazile ukubulala inyoka.
– "Like" ikhasi lethu
ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.
– Landela IzindabaNews24 kuTwitter
(@IzindabaNews24).