Kubhujiwe emililweni eKapa

2013-01-02 07:31

Johannesburg - Imililo equbuke kugujwa ukungena konyaka omusha idlule nemiphefumulo yabantu abathathu kwathi abalinganiselwa ku-4 000 basala dengwane, kusho ababhekele izinhlekelele edolobheni eKapa.

Izinhlekelele zenzeke eKhayelitsha naseThembeni.

Okhulumelela abezinhlekelele uWilfred Solomons-Johannes uthi ngezithuba zawo-01:12 kubikwe imililo emikhukhwini yaseThembeni, eDu Noon.

"Imililo idicilele phansi imizi engu-15 nemikhukhu engu-220. Lokhu kushiye abantu abangu- 800 bengenamakhaya," kusho uSolomons-Johannes.

Umlilo uphazamise ukusebenza kuka gesi.

Endaweni yaseKhayelitsha kushe imikhukhu engu-120 kwathi abantu ababalelwa ku-200 basala bengenamakhaya.

Ilinganiselwa ku-800 isiyonke imikhukhu edicilileke phansi.
 
Abantu abathanda ukwelekelela ngosizo bangashayela abakwaDisaster Risk Management Centre ku-080 911 HELP (4357).




 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).


NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
1 isiphawulo
Kuvaliwe ukuphawula kulolu daba.
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 18-21°C Sunny. Cool. Pta: 17-31°C Mostly sunny. Hot.
Jhb: 15-26°C Mostly sunny. Warm. Bloem: 18-34°C Sunny. Extremely hot.
Dbn: 17-28°C Morning clouds. Warm. PE: 18-28°C Sunny. Warm.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...