Kubhonjwe i-ATM eKapa
2012-10-09 10:06
Cape Town - Kuqhunyiswe ngebhomu umshini wokukhipha imali, i-ATM, enxanxatheleni yezitolo ePaarl, eKapa, ngoLwesibili ekuseni, kusho amaphoyisa aseWestern Cape.
Owamaphoyisa uCaptain Frederick van Wyk uthe abantu abayisithupha balayishe iziqhumane kulo mshini ngabo-04:00 base beyawuqhumisa.
Akukacaci noma abasolwa bakwazile yini ukuthola imali kulesi sigameko.
Akulimalanga muntu kanti futhi akukaboshwa muntu.
- “Like”
ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho
- Landela
IzindabaNews24 kuTwitter
- SAPA