Kubhikishe izakhamuzi zaseLethlabile
2011-11-07 09:43
Johannesburg - Abahlali baseLetlhabile, enyakatho neBrits, bavale imigwaqo ngamatshe bashisa amathayi bebhikishela ukuvalwa kamanzi esekuthathe isikhathi esingangesonto, kusho amaphoyisa aseNorth West ngoMsombuluko.
Babalelwa ku-55 abantu ababhikishe ngeSonto ngezikhathi zabo-21:30 ntambama, kusho uBrigadier Thulani Ngubane.
Umgwaqo omkhulu ongenela eLetlhabile, kanye nemincane, ibivaliwe.
Alukho udlame olubikiwe futhi akekho oboshiwe.
"Umasipala wendawo iMadibeng unenkinga yamanzi, kodwa iyalungiswa," ushilo uNgubane.
Ngesonto eledlule, izakhamuzi zase-Oukasie, okuyilokishi elingaphandle kwaseBrits, zaba nemibhikisho enodlame ngokungathunyelwa kwezidingongqangi emphakathini.
– "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.
– Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).
- SAPA